Uphiko oluphenya amacala ayisipesheli (SIU) luthi selubuyise imali ecela ku-R700 million ezikhungweni zemfundo ephakeme njengengxenye yophenyo olunzulu mayelana nohlelo lweNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). Iphinde yasayina izivumelwano zezikweletu ezingabiza u-R50 million…
KUTHUNGATHWA ABALISA ABABULALE IKHANSELA LE IFP NEZINGANE ZESIKOLE
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ababulale ikhansela lesigceme seNkatha Freedom Party (IFP) nezingane zesikole ezimbili KwaZulu-Natal. Ngokusho kwezikhulu, ikhansela likaMasipala waKwaNongoma lihlaselwe emgwaqeni u-R618 ngoLwesithathu ntambama lihambisa imoto ephukile. Kusolakala ukuthi abasolwa…
KUFAKWE U26 MILLION OZOKWAKHA ISIKHUNGO ESIPHEHLA INDLE EWEENEN
UMeya wesifunda uThukela iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala uhambele umphakathi wasezitendeni e Weenen ngaphansi kukaMaspala iNkosi Langalibalele. UMeya wethule osonkontileka abathathu abazoqedela ukwakha isikhungo esiphehla indle obese kunesikhashana simile ngenxa yokuphelelwa yimali yokuqhubeka nokusakha….
ULWISA EYOKUVALWA KWE-ITHALA BANK UNTULI
Kuqubuke izindaba ezingezinhle zokuvalwa kwe IThala Bank lapho kuvele ukuthi iPrudential Authority (PA) isoze yaqoka uMnu Johan Kruger ukuyobheka izinkinga ezikhungethe lesikhungo. IThala ibhange elaqalwa iNkosi Mangosuthu Bhuthelezi ongasekho emhlabeni ngenhloso yokulekelela…
IFU ELIMNYAMA KUDLULA EMHLABENI OCULA EQENJINI LOFELEBA
Zibuhlungu izinhliziyo zamalunga amaqembu amaskandi kudlula emhlabeni ilunga labo. UKhumbulani Prince Kubheka odabuka eBergville osebenza neqembu lombhaqanga Ofeleba kanye noThokozani Somnandi langa akasekho emhlabeni. Lezi zindaba zivele ekhasini lafaccebook lika Somnandi nalapho…
UBULAWE UKUDLA AMAKHEKHE ASE SPAZA UMFUNDI KA GRADE1 ETSAKANE
Umfundi owenza ibanga lokuqala eMandlethu Primary School eTsakane eBrakpan eGoli udlulile emhlabeni ngemuva kokugula eseskoleni izolo. Abezimo eziphuthumayo bafike esikoleni engasekho emhlabeni.Umama womtwana ukuqinisekisile ukuthi umtwana udle amakhekhe awathenge esitolo sendawo. Okhulumela…
AMAPHAPHU APHEZULU ESOWETO EMVA KOKUZAMAZAMA KOMHLABA IZOLO
Zethuswe ukuzamazama komhlaba izakhamizi zaseSoweto egoli izolo kusihlwa. Inhlangano iCouncil for Geoscience iqinisekisile ukuthi ukuzamazama komhlaba kuhlasele izindawo eziningi eGauteng ebusuku. Okhulumela lenhlangano uMahlatse Mononela utshele abezindaba ukuthi ukuzamazama komhlaba kwenzeke ngoLwesibili…
LUYINDIDA OLUKAMASPALA WASENQUTHU NOHULUMENI WESIFUNDAZWE NGEMALI YOKUTHUTHUKISA ISANDLWANE
Seluphenduke inkombankombane udaba lokuthuthukiswa kwentaba yaseSandlwana njengoba uNdunankulu waKwaZulu-Natal ethi umasipala waseNquthu owadla imali. Lokhu kulandela ukuthi sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize amemezela ukuthi intaba Isandlwana izophendulwa i-Disney…
ISASASA NOKUZETHEMBA KUPHEZULU KWIBAFANA NGOMDLALO WANAMUHLA
Elakuleli lizothola ugqozi ngokunqoba kwalo kwiMorocco ku-Africa Cup of Nations (AFCON) Last 16 lapho selidudulana neNigeria kowandulela owamanqamu namuhla, kusho umqeqeshi uHugo Broos ngobusuku bangaphambi komdlalo. Elakuleli liqumbe phansi i-Morocco ngo 2-0…
UMBANI UDLULE NOMTWANA OYEDWA KWALIMALA KABI ABABILI EDANAWOZI
Bebuya esikoleni ngoMsombuluko abafundi abathathu baseMandlamasha Primary, eDannhauser, engaphansi kwesifunda saseMajuba, bashaywe wumbani. Ngokusho koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), omunye osemncane ushonele khona lapho, , kwathi abanye ababili baphuthunyiswa esibhedlela….
KUZONANDISA UMENZI EMBUKISWENI WOMDLALO WEBAFANA OHLELWE UMASPALA I-ALFRED DUMA
Imeya kaMaspala i-Alfred Duma uKhansela Zama Sibisi ikhiphe isimemezelo sokumema bonke abalandeli bebhola abakhele lomaspala embukisweni womdlalo weBafana Bafana obhekwe ngabomvu namuhla. Lombukiso uzobe ukhonjiswa ngohlelo olwaziwa ngokuthi yiPublic Screen Viewing ,…
ABAGIBELI BAFUNA ABAMATEKISI BABEKEZELELE ABAMA-UBER
Ziyanda izigigaba lapho kuba nengxabano phakathi kwabashayeli bamatekisi kanye nabashayeli bezimoto ze e-hailing kubangwa imizola. Abanye osomatekisi bebesabisa abashayeli be-e-hailing abasebenza ezindaweni ezifanayo nabasebenza kuzo, nokubhekana ngezikhawu eziningi. Lokhu sekudale izinkinga kubagibeli…