Uphiko oluphenya amacala ayisipesheli (SIU) luthi selubuyise imali ecela ku-R700 million ezikhungweni zemfundo ephakeme njengengxenye yophenyo olunzulu mayelana nohlelo lweNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Iphinde yasayina izivumelwano zezikweletu ezingabiza u-R50 million nabafundi abathola imali ngephutha noma abangazange balufanele usizo.
I-SIU ngoLwesithathu itshele ikomiti elihlala ePhalamende elihlola amabhuku omphakathi (i-SCOPA) ukuthi inenqubekela phambili enkulu ekuzameni ukubuyisa imali eyantshontshwa kulesi sikhungo kusukela iqale ukuphenya ngokuphathwa budedengu kanye nenkohlakalo kulolu hlelo.
I-SIU ithe isivakashele izikhungo zemfundo ephakeme ezingama-58 – ezine kuzo amanyuvesi – ukuze kubuyiselwe imali izikhungo ezikhokhelwe ngephutha ku-NSFAS.
NgoLwesibili, iNyuvesi yaseMpumalanga ibuyisele u-R33 million okwenza isamba semali etholwe ezikhungweni kuze kube manje sifinyelele ku-R88 million.
Bangu-40, 000 abafundi abakweleta lesi sikhwama okungenani u-R49 million kanti bangaphezu kuka-4,000 abazali asebexoxwe nabo ukuze bathole le mali.
Inhloko ye-SIU u-Andy Mothibi uthi akuyona inhloso yakhe ukwenza abafundi babe namacala.
“Kodwa kuwumthwalo wethu ukukhomba ukuthi imali ihlinzekwa kuphi futhi yanikezwa ezimeni lapho abafundi bengafaneleki khona.”
UMothibi uthi i-SIU ihlale ihlola izikhalo ezintsha zenkohlakalo ukuze ibone ukuthi zingaphenywa yini ngaphansi kwalesi simemezelo esikhona manje.