Owesifazane wasePinetown useqalile ukudonsa isigwebo sikadilikajele, ngecala lokubulala isithandwa sakhe. INkantolo eNkulu yaseThekwini igwebe uNomphumelelo Goncalves kanye nomlingani wakhe uNkosinathi Zungu udilikajele kanye neminye iminyaka engu-30 ejele.
Kungemuva kokuthi begwetshwe ngamacala okuthumba, ukugebenga nokubulala.
Kusolwa ukuthi ngoSepthemba 2020 uGoncalves ongumhlengikazi wacela usizo kuZungu nomunye wesilisa ukuze abulale isoka lakhe, uNkosi Langa.
Inkantolo izwe ukuthi laba bobabili babenezinkinga zobudlelwane ngaleso sikhathi.
ULanga wabe esethunjwa ngaphambi kokuthi abanjwe inkunzi abulawe.
Okhulumela i-NPA eKZN uNatasha Kara uthe isidumbu sakhe satholwa ngemuva kwezinyanga ezimbili.
“UGoncalves ugwetshwe eminye iminyaka eyisishiyagalombili ngamacala amabili okuphula umthetho. Baphinde bahlonzwa njengabangakufanelekeli ukuba nesibhamu.
“I-NPA ikushayela ihlombe ukushushiswa kwamacala ngempumelelo, futhi siyawuncoma umsebenzi owenziwe abashushisi namaphoyisa. Kuwumthwalo wethu ukuthi silwele ubulungisa egameni lezisulu zobugebengu.”