UZothani Mbhele(18) waseMatiwane ePieters. Umangaze abantu abaningi ngesikhathi akha imoto eyisusa phansi.
UZothani uthi naye bengazi ukuthi lento ayenzayo ingenzeka ngenkathi ehlanganisa othayela nezinsimbi kanye nemishini emidala kwaphuma imoto, uthi uvele wamangala ngenkathi ethi uyayidumisa yavele yaduma ngemplela.
umfokaMbhele uthi iphupho lakhe ukwakha imoto engeke isebenzise uPetrol ngoba usumba eqolo kodwa kube nendlela thizeni angenza ngayo.
UMbhele uthi njengoba izwe laseNingizimu Afrika linokwentuleka kuka gesi nje, ucabanga ukuthi uma kungasetshenziswa amandla avela ezitshalweni njengezihlahla nothsani impilo ingaba ngcono kakhulu.
Ikhansela lendawo uThobani Dlamini uthi usamangele namanje futhi akakholwa ukuthi uZothani uyikhande ngempela lemoto uthe ngenkathi bemtshela ubethi amanga.
uDlamini ucele wonke umuntu ukuthi alule isandla kuleliphupho lomfana,uthi uma intsha kukhona ekwenzayo kumele ilekelelwe. Ucela noma ubani ongasiza lomfana ukuze afrzekise iphupho lakhe lokuba unjiniyela owakha izimoto.