Usashaqekile umphakathi waseBergville endaweni yaseBhethany eChesta kutholakala owesilisa eshonile esesangweni lomunye umuzi ngesonto.
Owesilisa wasendaweni olinganiselwa eminyakeni engamashumi amahlanu obaziwa ngo killer, abanye bathi uDube utholakale eshonile enamanxeba okudliwa yizinja.
Kusolakala ukuthi izinja zimudle eseshonile njengoba ingalo ibingasekho emzimbeni, abantu bathi kungenzeka ubulewe wacuywa wabe eselahlwa kulo muzi.