Kubhubhe abathathu bezama ukucisha umlilo eBoston eMidlands KwaZulu Natal. Abanye baphuthunyiswe esibhedlela ngendiza.
Umphathi weMidlands EMS uMark Winterboer uqinisekise kwabezindaba ukuthi bathathu abashonile owesine uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi kakhulu.
UNgqongoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, udlulise amazwi enduduzo ngabezicishamlilo abashonile.
Abantu bacelwa ukuba baqaphele njengoba zanda izigameko ezifuze lezi.