UMnyango wezeMpilo eGauteng uqinisekise ukushona kwesiguli sesifazane, 35, ngemuva kokuqubuka komlilo esibhedlela iDr George Mukhari Academic Hospital enyakatho nePitoli.
Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ebusuku ophikweni lwezengqondo zabesifazane kulesi sibhedlela, ngokusho kukaMotalatale Modiba womnyango.
“Ngezithuba zabo-18:35 kuqubuke umlilo omncane egunjini elizimele, kwabe sekuthathwa izinyathelo ngokushesha ukuvikela ukuphepha nempilo yeziguli.
“Umlilo unqanyulwe ngokushesha wabe esecishwa abezicishamlilo, kodwa ngeshwa isiguli ebesihlala esitokisini sithole imihuzuko.
“Ezinye iziguli ezingu-17 kulolu phiko zikhishwe ngempumelelo futhi zayiswa kwesinye iphiko elihlukile lomnyango wezifo zengqondo njengesinyathelo sokuzivikela.”
Ngokusho kukaModiba, isisulu besibekwe egunjini eliyimfihlo ngoMsombuluko njengengxenye yokwelashwa kwaso ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngoJuni 20.
Imbangela yomlilo ayikaziwa kanti uModiba uthe udaba ludluliselwe emaphoyiseni ukuze aluphenye.
“Umnyango ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wesiguli njengoba ukhale ngokudlula emhlabeni kwendodakazi yawo. Umndeni oshonelwe kanye nemindeni nezinye iziguli bazodingidwa. Kuzophinde kutholakale usizo lokwelulekwa.”
UMnyango wezimo eziphuthumayo edolobheni laseTshwane uthe abezicishamlilo bafike bathola ukuthi usucishiwe.