Abezimomo eziphuthumayo bathi kulimale kabi abasithupha ababili balashelwa imihuzuko ezingozini ezimbili ezenzeke eNewcasle nase Vryheid izolo .
Engozi yokuqala yenzeke eNewcastle kuDrakensberg Road lapho umshayeli wemoto encane ehluleka ukuyilawula yatholana phezulu neloli kwalimala abahlanu oyedwa wabo ube nemuhuzuko.
EVryheid ezimpambanweni zomgwaqo uLakeside kube nengozi ebiphakathi kweloli nemoto encane kwalimala abathathu bonke balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.
Kucelwa abashayeli baqaphele kakhulu ukuze kugwemeke izingozi ezifuze lezi.