Owesilisa wasePakistani ubulawe namuhla ekuseni ngabasolwa ababili abebehlomile kulandela ukugetshengwa kwebhizinisi eRedfern, ePhoenix.
AbeKZNVIP bathole imibiko mayelana nokugetshengwa obekuqhubeka base besabela endaweni yesigameko. Kukholakala ukuthi laba basolwa ababili bafunelwa amacala okugebenga kaningi kanti ukuduna izimoto baphinde bazenza amakhasimende esitolo sendawo.
labalisa bakhiphe isibhamu baphanga isitolo ngaphambi kokudubula lo wesilisa wasePakistan babalekela ku-M25 KwaMashu Highway.
AbeKZNVIP Medics bafike endaweni yesigameko ngeshwa abakwazanga ukwenza lutho ukusindisa isisulu njengoba ebenamanxeba okudutshulwa.
Kudutshulwe kaningi kumalungu omphakathi abeya emsebenzini.
Amalungu e-SAPS atheleke endaweni yesigameko kungekudala kanti uphenyo luyaqhubeka.
Ezinsukwini ezimbili ezedlule omunye umuntu wadutshulwa ngesikhathi kuzama ukuduna imoto kanti esikhathini esingaphansi kwenyanga edlule kwadutshulwa kwabulawa omunye isisulu e-Archstone kulandela le nqubo efanayo.