Amaphoyisa aseKapa abophe omunye ongowokudabuka eChina ngezinsolo zokudayisa utshwala bomkokotelo eStrand.
Amaphoyisa athe alunywe indlebe esitolo esidayisa utshwala ku-Abbeglen Street ngoMsombuluko, lapho kushaqwe khona utshwala bomgunyathi obubiza u-R450 000.
Owesilisa waseChina oneminyaka engu-48 ubudala uboshiwe kanti kulindeleke ukuthi avele enkantolo uma esethweswe icala.
Ngesonto eledlule ngoLwesithathu, kuphinde kwaboshwa indoda yaseChina eneminyaka engu-20 ubudala ngesikhathi amaphoyisa eshaqa utshwala mbumbulu ongabiza u-R24 million e-Eersterivier.
UMalcolm Pojie wamaphoyisa: “Ithimba Lesifundazwe SaseNtshonalanga Kapa liyaqhubeka nokugasela ekuhwebeni okungekho emthethweni kwezimpahla zomgunyathi okunomthelela omubi emnothweni waseNingizimu Afrika ngokushaqwa kotshwala obungekho emthethweni.”