Usinde kukubi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal ogaqele isikhundla sokuba uNdunankulu wesifundazwe ngemuva kokuba ehlaselwe amadoda abezifihle ubuso ehlome eyizingovolo ngaseMpangeni.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke emgwaqeni uJohn Ross Highway ngesikhathi uMnuz Thami Ntuli ebuya emcimbini weNgezo obuseSikhaleni.
Unobhala-Jikelele we-IFP uMnuz Siphosethu Ngcobo uthe ngesikhathi izimoto zikaNtuli ziqeda ukungena ku-N2 kubenemoto eyi-Ford Ranger ebinezinsizwa ezine ebezizifihle ubuso kodwa zigqoke umfaniswano wamaphoyisa.
“Le-Ford Ranger izame ukufohla ezimotweni zikaNtuli, kwala noma abaqaphi bakhe bethi bayayivika kodwa yazama ukungena ngenkani kuzo.
“Kuthe ngesikhathi izimoto zikaNtuli ziphuma ku-N2 ziyongena kuJohn Ross Highway obheke eMpangeni nase-Richardsbay, yeza ngamandla le-Ford Ranger maqede yazovala izimoto zikaNtuli.
“Kuphume izinsizwa ezine ebezihlome ziyizingovolo zakhomba ngezibhamu abaqaphi bakaNtuli,” kusho uNgcobo.
Uqhube wathi lezi zinsizwa zikhombise ukulungela ukudubula ngesikhathi izibhamu zazo zinyusa izinhlamvu.
Lesi sigameko kuthiwa akusona esokuqala njengoba ezinyangeni ezedlule uNtuli wazithola evinjwa ngezibhamu amadoda ayegqokise okwamaphoyisa ku-N2 eThekwini ngesikhathi ephuma emsakazweni iGagasi FM.
UNgcobo uthe beyi-IFP badinga uphenyo ngalesi sigameko ngoba abaqondi noma bekuyizinkabi noma uphiko lwe-National Intervention Unit (NIU).
Uthe lesi sigameko siyakhathaza ngoba sibeka engcupheni impilo yomuntu.
Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule ngalesi sigameko.