Inqwaba yabalandeli boMkhonto weSizwe (MK) bahlangane eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, bezwakalisa ukuphatheka kabi ngokubulawa kwababili babo.
UBongani Mkhwanazi noXolani Nzimande badutshulwa babulawa eKatlehong ngoMeyi, ngesikhathi kunengxabano phakathi kwabo nabalandeli be-African National Congress (ANC).
Abantu abane ababoshelwe amacala okubulala bazovela eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ukuze bafake isicelo sebheyili esikhethekile, esizolalelwa ngoLwesibili nangoLwesithathu.
Abasolwa abane bavele okokuqala ngeledlule, icala lahlehliswa ngemuva kokuthi uMbuso ucele isikhathi sokungena edokodweni.
Phambilini ubuholi bukazwelonke beqembu i-MK buzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokungabekezelelani kwezepolitiki, bugcizelela ukuthi kubhekiswe kumalungu abo.
Le nhlangano inxuse inkantolo ukuthi ikhiphe isijeziso esinzima kubasolwa abane kuleli cala lokubulala.