Inhlangano yabamhlophe i-Afriforum lisole amajaji ngokusebenzisa imibono yawo ukuze ahumushe uMthethosisekelo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo isichithile isicelo se-Afriforum ecaleni elimayelana neculo ebelibhekene noholi we-EFF ngokucula iculo elithi “Dubul’ibhunu.”
I-Afriforum iveze ukuthi leli culo linenzondo, kodwa izinkantolo zasiphikisa. INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala (SCA) inqume ukuthi umholi we-EFF uJulius Malema usebenzise leli culo njengengxenye yemiyalezo yezepolitiki, hhayi inkulumo enenzondo. INkantolo Yezokulingana yaqala yachitha icala le-Afriforum ngo-2020. Isinqumo sakamuva seNkantolo Yomthethosisekelo siyayiqeda nya lempi yezomthetho.
Isikhulu se-Afriforum uKallie Kriel uthe lesi sinqumo sivumela imiyalezo elimazayo ebhekiswe kumaBhunu. Usole amajaji ngokuthonywa yimibono waphinde wagxeka uhulumeni ngokungawagxeki iziqubulo ezifuze lezi. “Lokhu kukhombisa ukuthi sisodwa,” usho kanje.
Isinqumo senkantolo singujuqu, futhi i-Afriforum ayikwazi ukuqhubeka nokufaka isicelo.