Amaphoyisa aseLimpopo aphume umkhankaso wokuthungatha uthisha oneminyaka engu-58 ubudala osolwa ngokudlwengula ephindelela umfundi oneminyaka engu-13 kusukela ngoNovemba 2024.
Lezi zindaba zivele ngemumva kokuthi umtwana etshele omunye wothisha ngalesi senzo salothisha okuthiwa waqala ukusenza nyakenye. Lothisha kuthiwa unele wezwa ukuthi ingane isibikile ngaloludaba wanyamalala. Kuyimanje akwaziwa ukuthi ubhacephi
UKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo, uLt General Thembi Hadebe, ukugxekile ukuhlukunyezwa, wathi othisha kumele bavikele izingane, bangazilimazi. “Lo thisha kumele abhekane nengalo yomthetho,” usho kanje.
Leli cala lilandela intukuthelo ezweni lonke ngokudlwengulwa kwengane eneminyaka engu-7 ubudala uCwecwe e-Eastern Cape njengoba izinhlaka zomphakathi zifuna kwenziwe ubulungiswa.
Iziphathimandla zinxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi athinte uLt Colonel Martin Thema ku-082 451 7155 noma iCrime Stop ku-08600 10111.