Isigebengu esiyingozi, uRassie Nkuna, udedelwe ngoshwele yize ebenamacala amabi—wathi ephuma nje ejele wabulala abanye abantu abayisithupha kubandakanya nalowo owayeyintombi yakhe.
UNkuna, osedonsa udilikajele ngecala lokubulala uPretty Mazibuko nodadewabo uMarcia ngo-2022, ubhekene necala lokubulala izithandani uLucky noSabeliwe Mogashoa phambi kwezingane zabo. Kuthiwa wabathumba wabadubula ngemuva kwezinyanga ezimbili ephume ngoshwele ngoJanuwari 2022.
Umbiko udalula ukuthi uNkuna wakhululwa ngeshwele yize ayebizwa “ngombaleki” ngo-2018. Ebhekwa njengomuntu oyingozi kskhulu, kwakufanele ahlolwe ngamaphoyisa izikhathi eziyisishiyagalombili ngenyanga—kodwa amarekhodi abonisa ukuthi amaphoyisa ayivame ukumthola engekho kodwa angenzi lutho ngalokho.
Ngesikhathi ekhululekile, kusolakala ukuthi wabulala u-Hillary Gardee (indodakazi yomholi we-EFF) waphinde waklinya uNonkululeko Nkosi. Umndeni wakwaGardee umangalele umbuso ngo-R18 million, usola izikhulu ngokulahlekelwa kwawo.