IRise Mzansi isizwakalise ukukhathazeka ngesikweletu sika-R360 million sokusebenza isikhathi esengeziwe sokuhlinzekwa kwezinsiza zokuvikela i-VIP ezinikezwa ongqongqoshe namaphini ongqongqoshe eminyakeni emibili edlule. Lezi zindleko kulindeleke ukuthi zenyuke ngenxa yekhabhinethi enkulu ngaphansi kukahulumeni wobumbano…
Category: Izindaba Zikazwelonke
KUHLONYWE UPHAPHE LEGWALAGWALA OTHISHA ABENZA KAHLE KULELI
Uthisha waseLimpopo uMaserole Mojela uhambe nezindondo eziphezulu esigabeni sobuhle ekufundiseni iziFundo zeNatural Sciences emkhosini weNational Teaching Awards. Kuhlonishwe kwaphinde kwahlonya uphaphe lwegwalagweala othisha bakuleli kulo mcimbi obuse-Ekurhuleni, empumalanga yeGoli izolo. Lo mcimbi…
KUZOSUNGULWA IKOMIDI ELIZOBHEKANA NGQO NESIMO SEZULU E-KZN
uNdunankulu waseKwaZulu-Natal uThami Ntuli uthi ukuguquka kwesimo sezulu akuseyona into engenasisekelo, kodwa sekuyiqiniso. “Asisakwazi ukuziphatha engathi konke kuhamba kahle,” kusho uNdunankulu ngoLwesine. “Ososayensi basixwayisile ukuthi ihlobo lethu lizoba nezimvula eziningi futhi kushise…
UMNYANGO WEZASEKHAYA NOSHINTSHO OLUZONCIPHISA OLAYINI EZIKHUNGWENI ZAWO
UMnyango Wezasekhaya wethule uhlelo lokufaka izinsiza zawo kudijithali eminyakeni emihlanu ezayo, olubizwa ngokuthi “Izindaba Zasekhaya Ezasekhaya.” Lolu hlelo luhlose ukuhlinzeka abantu baseNingizimu Afrika ngokufinyelela ku-inthanethi ezinsizeni ezijwayelekile, kuqedwe isidingo sokuvakashela amagatsha oMnyango…
ZIMISWA UBUTHAPHUTHAPHU IZIKHULU EZISOLWA NGENKOHLAKALO EKZN
Kumiswe izikhulu ezinhlanu eziphezulu eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu( COGTA) KwaZulu-Natal ezisolwa ngenkohlakalo. Lezi zikhulu zimiselwe ukungaphathi kahle imali yomnyango eyasebenza ngesikhathi sokhetho. Ngokombiko womnyango, kulezi zikhulu ezinhlanu ezimisiwe kukhona nesikhulu sezezimali…
UMNYANGO UCUTHE NGEZIGUGULA EZINDAWENI OKULINDELE IQHWA KUZE KULEMPELASONTO
Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal umemezele ukuthi amathimba ezimo eziphuthumayo ami ngomumo, njengoba kulindeleke ukwehla kwamazinga okushisa kanye namathuba okuphinde likhithike kulempelasonto. Yize iSouth African Weather Service (SAWS) ingakakhulumi ngokuxwayisa okusemthethweni ngesimo sezulu, le…
KUKHALWA NGOZENZA UNGQONGQOSHE KUFACEBOOK AQOLE ABANTU IZIMALI ZABO
Kubikwa ukuthi kunomuntu osebenzisa imininingwane kaNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi, uNomakhosazana Meth kuFacebook ukuze aqole abantu ngokubakhohlisa ngokubathembisa amathuba okutshala imali mbumbulu ku-inthanethi. Ungqongqoshe usekhiphe isexwayiso emphakathini, ewuxwayisa ngomkhonyovu kuFacebook lapho lomkhohlisi ezenza yena,…
INKINGA YEZIMALI KWEZEMFUNDO IZODALA UKUTHI KUNCISHISWE ITHISHA – GWARUBE
UNgqongqoshe Wezemfundo esemazingeni aphansi, uSiviwe Gwarube, uthi umkhakha wezemfundo ubhekene nenkinga enkulu yezimali. UGwarube uthi njengoba uhulumeni ebanciphisele isabelomali izifundazwe eziyisikhombisa zizothwala kanima kuleminyaka emine ezayo. UNgqongqoshe uveze lokhu ngesikhathi exoxisana nabezindaba…
KULINDELEKE UKUTHI YEHLE INTENGO YOKUDLA KULELI
Iqembu i-Pietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group lithi lilindele ukuthi amanani okudla ehle. Lokhu kulandela isinqumo seBhange Elikhulu LaseNingizimu Afrika sokwehlisa izinga lenzalo ngamaphuzu angu-25, ukuze libe ku-8%. Lokhu kube okokuqala ukuthi…
INKANTOLO ICHITHE ISICELO SIKAKHUMALO SOKUQHUBEKA NOKUSAYINDA IZIMALI ZE-MK
Owayengumholi weqembu uMkhonto weSizwe (MK), uJabulani Khumalo, uhlulekile emzamweni wakhe enkantolo yasePitoli yokuba aqhubeke abe ngomunye ogunyaziwe ukusayina kwi-akhawunti yasebhange yeqembu. INkantolo eNkulu yasePitoli inqabeisicelo sikaKhumalo yize noma ebeme ngokuthi isinqumo sokuxoshwa…
SEHLILE ISIBALO SABANEGCIWANE LESANDULELA NGCULAZA E-KZN
Ucwaningo lwe-Human Sciences Research Council (HSRC) lukhombisa ukuthi abantu ababalelwa kwezigidi ezimbili baphila negciwane lesandulela ngculaza i-HIV KwaZulu-Natal. Lolu cwaningo luthole ukuthi uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe, KwaZulu-Natal inesibalo sesibili esiphezulu sabantu abane-HIV…
AMAPHOYISA AXWAYISA ABAFAKA AMA-NUMBER PLATE ABHALWE NGENDLELA ENGEMUKELEKILE
Amaphoyisa eThekwini Metro axwayisa abashayeli bezimoto ukuthi bagweme ukusebenzisa amaphakethe ezinombolo ezisebenzisa ifonti engeyona. NgoLwesibili, bajezise umshayeli otholakale eshintshile izinombolo zemoto yakhe kanye nokuguqula ukusimamisa kwemoto. Okhulumela amaphoyisa eMetro, uBoysie Zungu, uthe…