IPhini likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Namane Masemola useveze izinsolo ezishaqisayo zokuthi kungenzeka ukuthi ukufa kwezingane zibulawa ukudla okunegciwane espaza ngo-2024 kwenziwa ngamabomu. Ekhuluma ekomidini lasephalamende elibhekelele izimvume zokuhweba ezinikezwa abantu bakwamanye amazwe, uMasemola uhlobanise lezi zigameko namaphutha ezomthetho wokungena kwabantu abavela kwamanye amazwe, ebuza ukuthi izitolo ezingaphezi kuka-2,900 zakwamanye amazwengabe ngempela ziyayilandela yini yonke imigomo yakuleli yokuhweba.
Amalungu ePhalamende azwakalise ukungabaza ngokuthotshelwa kwezimvume, ecaphuna imibiko yabanikazi bamabhizinisi baseNingizimu Afrika ababelana ngamalayisensi ngokungemthetho noma abaqasha abokufika ukuthi baphathe izitolo. UMasemola uphinde waphikisa ukuthi ukufa kwabantwana abadla ushevu ngemva kokuthenga eziphaza zabokufika kwakuyiphutha: “Laba bafowethu nodadewethu bokufika benza izinto ngamabomu… Selokhu kwaqala ukukhulunywa lendaba, akusekho ukufa kwabantu nabantwana, lokho kudalwa yini?”
UNgqongqoshe we-COGTA uVelenkosini Hlabisa ukuvumile ukwehluleka kwemithetho, ephawula ukuthi abahloli bezempilo abangu-520 manje sebetshaliwe kodwa wavuma, “Lo mkhakha ubungalawulwa iminyaka eminingi ngakho ke awukwazi ukulungiswa ngobusuku obubodwa.” Ngenkathi eqinisekisa amalungu ePhalamende ukuthi izitolo ezithintekayo ziyavalwa, abezomthetho bafuna ukuziphendulela okuqinile ngokufa kwezingane.