Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUZOPHENYWA ISIKHULU SEZEMFUNDO OKUTHIWA SIGQOKISA OTHISHA IZIKIBHA ZE-MK NGENKANI ESIKOLENI

Posted on 26 March 2025

KUPHENYWA isisebenzi esiphezulu esikoleni samabanga aphansi iShakaskraal, KwaZulu-Natal, esisolwa ngokusabisa othisha, sibaphoqa ukuthi bagqoke imvunulo ye-MK Party esikoleni noma bazibeke engozini yokulahlekelwa umsebenzi.

Iphephandaba lesilungu iTimes Live ibike ukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuqale uphenyo kulandela izikhalo zokusatshiswa. UNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, uyalele ukuthi kwenziwe uphenyo ngemuva kwemibiko yokuthi lesi sikhulu sicindezela othisha futhi sisebenzisa izinkundla zesikole ukwenza ipolitiki.

Izinsolo Zokuphoqelela
Okhulumela uMnyango uMuzi Mahlambi uthe lo msebenzi usolwa ngalokhu:

  • Ukuphoqa othisha nabafundi ukuthi bagqoke izingubo ze-MK Party noma baxoshwe emsebenzini.
  • Ukuqhuba imisebenzi yezepolitiki ngesikhathi sesikole, nokuphazamisa amakilasi.

UMahlambi uxwayise ngokuthi uma kutholakala ukuthi kuyiqiniso, izenzo ezinjengalezi zizothathwa njengezingekho emthethweni futhi zingaholela ekuxoshweni kulabo abathintekayo.

UHlomuka uzovakashela lesi sikole ngoLwesihlanu ukuqinisekisa ukuthi ukufundisa kuyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka kwezepolitiki. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ividiyo esakazwayo ekhombisa amalungu e-MK Party ecula izingoma zomzabalazo emagcekeni esikole, nabanye abafundi behlanganyela nayo.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme