Ingqungquthela yama-25 ye-Aids International iyaqhubeka eMunich, eJalimane namuhla. Le ngqungquthela ihlanganisa izikhulu zikahulumeni, izinhlangano zomphakathi, ososayensi kanye nalabo abathintwe yi-HIV ne-Aids. I-UNAIDS izokhipha umbiko ogcwele ngomthelela wengculazi emazweni ahlukene. I-SABC News ikhulume…
Category: Izindaba Zikazwelonke
ULENGELE EWENI U-ESKOM NGENXA YEZIKWELETU
Inkampani kahulumeni ephakela ngogesi kuleli ibhekene nesimo esibucayi sokuwa bhu phansi ngenxa yezikweletu. UNgqongqoshe Kgosientsho Ramokgopa usekhiphe isixwayiso sokuthi lenkampani isingawa noma yinini uma kungabhekwana nesikweleti enaso. Ramokgopa uthi omaspala bakuleli bakweleta…
UHLABISA UVAKASHELE IMINDENI YEZICISHAMLILO EZIDLULE ZIBHULA IMILILO E-KZN
Abaholi bakahulumeni badlulise amazwi enduduzo emindenini yezicishamlilo eziyisithupha ezishone ngesikhathi zibhula umlilo oshise ipulazi KwaZulu-Natal Midlands ngeSonto. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli kanye noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA) uMnuz Velenkosini Hlabisa,…
ZINGU-31 IZIGEBENGU EZISHONE ZIDUBULANA NAMAPHOYISA KUSUKA NGO-APRIL KWAZULU-NATAL
Babalelwa ku-31 abasolwa asebebulewe ezigamekweni zokudubulana namaphoyisa KwaZulu-Natal ezinyangeni ezintathu ezedlule. Lesi sibalo sivezwe nguKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi. Isigameko sakamuva senzeke ngoLwesithathu endaweni yaseSydenham eThekwini, nalapho abasolwa abane bashona. Kuthiwa…
KUZOPHENYWA NGOKUHLASELWA KUDUTSHULWE UMMELI WAKWA-SARS NAMUHLA EKUSENI
Isikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal sithi uphiko loKlebe luzophenya ngemizamo yokusoconga kommeli wakwaSARS. UCoreth Naude uhlaselwe ngoLwesine ngesikhathi elinde esangweni lehhotela laseMhlanga. Kuyacaca ukuthi oshayasibhamu ababili bafike kuye badubula bebhekise kuye amahlandla amaningi. Amaphoyisa…
INKINGA EBIBHEKENE NOCAPITEC IBIBHEKENE NEZINKAMPANI EZININGI EMHLABENI WONKE JIKELELE
Amabhange, izindiza, izingcingo, ngisho nezitolo ezidayisayo zithinteke kakhulu ngenxa yokunqamuka komhlaba okudalwe yiMicrosoft. Isibuyekezo esivela enkampanini ye-cybersecurity sithinte isigcinalwazi sohlobo lwe-internet elaziwa ngeClowd e-Microsoft, okubangele ukuthi ubuxhakaxhaka babo buphazamiseke. Le nkinga ibangele…
AMAPHOYISA APHENYA ICALA LOKUZAMA UKUBULALA UMMELI OPHENYA AMACALA ENKOHLAKALO KWA-SARS
Amaphoyisa aphenya icala lokudutshulwa kukaCoreth Naude odutsulwe izolo eDurban North. UNaudé ngokwemibiko ezinkundleni zokuxhumana ithi udutshulwe nje ubebuya ecaleni lentela elithinta injinga eyaziwayo eThekwini uShaun Mkhize. UCoreth uphenya amacala abucayi athinta inkohlakalo…
URAMAPHOSA UZOBEKA EQHULWINI UKUTHUTHUKISA OMASPALA KULELI
Uhulumeni Wobumbano Lwesizwe (i-GNU) ubeke ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, wehlisa ubumpofu, futhi wakhe izwe elinekhono njengezinto ezintathu ezibalulekile eziseqhulwini. UMengameli uCyril Ramaphosa uvule ngokusemthethweni iPhalamende lesikhombisa lokuphatha ngentando yeningi ngoLwesine. Umcimbi…
I-SIU EMKHANKASWENI WOKUQOQA R112 MILLION KA-NSFAS OWANIKEZWA ABAFUNDI NGOKUNGEMTHETHO
Uphiko oluphenya amacala ayisipesheli (SIU) luthi luphezu kwezinhlelo zokuqoqa imali engaphezu kuka-R112 million kwabahlomulayo abebengafanele ukuxhaswa yiNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). I-SIU ithe okungenani bangu-421 abafundi abaphuma ezikhungweni ezehlukene asebesayine izivumelwano…
UMALEMA UTHI I-GNU UMLILO WAMAPHEPHA NJE INTO EZOPHELA MADUZE
UMHOLI we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, ukholelwa ukuthi uhulumeni wobumbano lukazwelonke uzoshabalala uma nje sekufike ubuholi bukaCyril Ramaphosa be-ANC.Ubekhuluma esithangamini nabezindaba mayelana nekhokhasi eqhubekayo eKapa ngoLwesine. Ikhokhasi yasePhalamende ihlanganisa i-EFF, i-MK party,…
UPENNY PENNY UZOJOYINA AMALUNGU E-MK EPHALAMENDE
Umculi womculo wesiVenda uPenny Penny kulindeleke ukuthi ajoyine uBrian Molefe kanye noLucky Montana njengabamele iQembu loMkhonto weSizwe (MK) ePhalamende ezinsukwini ezizayo. USotswebhu weqembu ePhalamende uSihle Ngubane utshele abe-Eyewitness News ukuthi laba bobathathu…
URAMAPHOSA UZOVULA NGOKUSEMTHETHWENI IPHALAMENDE LAKULELI
USomlomo wePhalamende likaZwelonke uThoko Didiza uthe ukuvulwa kwePhalamende ngoLwesine kubaluleke kakhulu njengoba izwe ligubha iminyaka engu-30 yentando yabantu. UDidiza ukhulume nabezindaba eKapa mayelana nesimo sokulungela umhlangano. UMengameli uCyril Ramaphosa uhlelelwe ukuthi ethule…