Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IYADLIWA IMALI EMNYANGWENI WEZEMFUNDO KWAZULU-NATALI

Posted on 17 October 2024

IsiShayamthetho saKwaZulu-Natal sibikelwe ngezindaba ezibucayi ezithinta imali eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni. Umnyango umoshe izizumbulu zemali ngezijeziso, ukukhokhelwa kwamaholo ngendlela engafanele, nezibonelelo. Ngaphezu kwalokho, izikebhe eziningi ezithengelwe ukuthutha izingane ziwele imifula ngezikhathi zemvula azisebenzi.

UMcwaningi Mabhuku Jikelele ubikele iKomidi Lezimali Zomphakathi (Scopa) ukuthi ukusetshenziswa kwezimali okungagunyaziwe komnyango kunyuke kusuka ku-R4 million ngo-2022/23 kuya ku-R63.5 million ngo-2023/24. Izindleko ezisetshenziswa ngendlela engafanele nezingenazithelo manje sezimi ku-R207 Million.

NgokoMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomphakathi, umnyango kufanele uphenye ukusetshenziswa kwemali okungagunyaziwe futhi uthathe izinyathelo zokulungisa. Kodwa-ke, imenenja enkulu ezindlini zomcwaningi mabhuku KwaZulu-Natal, uMnuz Sinenhlanhla Sibiya, uthe uMnyango wehlulekile wukuphenya ngokusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele esikhathini esidlule, okunomthelela omubi ekulethweni kwezidingo.

Ngonyaka odlule, uMnyango wayihoxisa inkontileka yezigidi zamarandi yoHlelo Lukazwelonke Lokondliwa Kwabantwana Ezikoleni ngemuva kokuba umcwaningi mabhuku ekhale ngokusethaenziswa kwemali ngokufanele. Yize kunezinkinga zokungena nokuphuma kwezimali, umnyango usaqhubeka nokusebenzisa ngokweqile, njengoba usune-overdraft yasebhange engaphezu kuka-R1 billion.

Umnyango uphinde ukweleta imali engaphezu kwengxenye yebhiliyoni ngenxa yokukhokhelwa ngokweqile kwamaholo nezibonelelo, okuhlanganisa nesinye isikhathi lapho umsebenzi ethola u-R20,000 esikhundleni sika-R2,000. Usihlalo weScopa, uTim Brauteseth, ufuna umbiko womnyango onemininingwane ngezinhlelo zokulungisa lezi zinkinga.

Ezinye izikole zike zacishwa amanzi nogesi ngenxa yokungakhokhelwa kwezikweletu. Umnyango ubhekene nezijeziso ngokwehluleka ukukhokhela abakweletayo ngesikhathi. Ezikebheni eziyisishiyagalombili ezithengelwe ukuthutha abafundi, sinye kuphela esisebenzayo.

Recent Posts

  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme