Amaphoyisa asezithendeni zabasebenzi besikhulu soMnyango wezaseKhaya okusolakala ukuthi saba nesandla emshadweni mbumbulu nokunikezelwa kobuzwe kubantu ngokungekho emthethweni eThekwini. Izikhulu zigasele emagcekeni okukholakala ukuthi ngelehhovisi lo”Mnyango wezaseKhaya” eliyimfihlo eBerea ngoMsombuluko.
Kuboshwe abasolwa abathathu ngamacala okukhwabanisa nokwephula umthetho.
Ngemva kokuthola ulwazi lobugebengu, iphoyisa lesifazane lathunyelwa ngomshoshaphansi ukuze lenze sengathi lifuna ukushada.
Ube esehlaba umkhosi kwabe sekungena izikhulu ebezilinde amaphoyisa akwa-SAPS, oKlebe namaphoyisa kaMasipala.
Izikhulu zithi abasebenzi bebevele bedabule amaphepha ngesikhathi befika esitezi sokuqala.
Abaphathi baleli bhizinisi basolwa ngokugqugquzela imishado engumkokotelo besebenzisa omazisi babesifazane baseNingizimu Afrika abangaziwa ukuze bashade nabokufika abangenazo izincwadi.
FUNDA: Amaphoyisa agasela ebhizinisini laseThekwini eligqugquzela imishado mbumbulu yokufuna ubuzwe
Iningi labantu abathintekayo abekho ezweni futhi ngokusobala bebezonikezwa ama-visa omshado, abazowasebenzisa ukungena eNingizimu Afrika.
Abasolwa kuthiwa bebekhokhisa abantu imali elinganiselwa ku-R18 000.
Kuboshwe abasolwa abathathu ngamacala okukhwabanisa nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe bakholwa wukuthi lokhu kuwuhlelo olukhulu.
“Sithole ukuthi kunesikhulu soMnyango wezaseKhaya ebesisebenzisana nabasolwa okungenzeka ukuthi sihlonziwe.
“Ngakho-ke, sikholelwa ukuthi uzoboshwa futhi kungase kube nokunye.”
Bazovela enkantolo maduze.
Siyabonga kakhulu ngalesi sinyathelo. Le not kufanele angabe jade yavinjwa ngoba ibiyaziwa ukuthi iyenzeka kulo mnyango. Sibonge kungqongqoshe omusha walo mnyango, luningi ushintsho esilubonayo