KUSHONE amadoda amabili ngesikhathi kuqubuka umlilo emIjondolo yaseNomzamo, eStrand, eWestern Cape.
Okhulumela abezicishamlilo nokuhlenga edolobheni laseKapa uJermaine Carelse uthe isigameko senzeke ezintatha zanamuhla.
Uthe abanye abantu abayisikhombisa basala dengwane.
“I-City’s Fire & Rescue Service yaziswa ngo-01:40 ngezakhiwo ezisasha emgwaqeni uBenox Street. Izicishamlilo zikwazile ukunqanda zacisha umlilo ngo-03:00 ocekele phansi imijondolo emihlanu washiya abantu abayisikhombisa bengenamakhaya. Izidumbu zala madoda amabili zitholwe phakathi kwemfucumfucu futhi zagunyazwa abezempilo ukuthi bashonile.”