Sekuphele imninyaka engaphezu kwemibili kwavalwa isikhungo esasiphakela abantwana abangenabazali eMatiwane.
I half Way house kwakuyisikhungo esasiphakela abantwana ukudla kabili ngosuku. Lesi khungo esasixhaswe inhlangano engenzi inzizo i Mpilonhle project savalwa ngonyaka ka 2021 ngemvakwe covid 19 ngenxa yokuthi i Mpilonhle Project yaphelelwa izimali zokulekelala ngokudla kanjalo nabasebenzi.
Lesikhungo besiphakela abantwana abangenabo abazali siphinde sibalekelele ngemisebenzi yesikole. Abantwana bebedla ekuseni ngaphimbi kokuya eskoleni baphinde bandle ntambama uma bebuya eskoleni sebeya emakhaya abo.
I- half Way house ibisiza abantwana 150 ngosuku abafunda ezikoleni ezintathu endaweni yase Matiwane eNdingeni.
Lesikhungo besinabasebenzi abahlanu nabo abaphelelwa umsebenzi ngemuva kokuvalwa kwaso. Abesifazane abane ebekuyibo abaphekela abantwana kanjalo nowesilisa oyedwa ebekunguye obesiza abantwana ngemsebenzi yesikole.
Omunye ukhulisa ingane engesenabazali uthi bagqemeka engeqiwa ntwala ngokuvalwa kwelesikhungo ngoba bebeza kahle ukuthi sithula umthwala emahlombe abo ngoba abantwaba bebedla ekuseni eskhungweni badle bebuya eskoleni benze nemisebenzi abanikwe yona eskoleni khona kulesikhungo bebefika sebezodlela ukulala nje emakhaya.
Lona wesifazane uthi ucela umnyango wezenhlala kahle, osomabhizinisi baphinde bazama ukusivula lesikhungo ngoba besenza umsebenzi omuhle emphakathini iminyaka engaphezu kwashumi nanhlanu.