Baphume ngobuningi abalandeli nabathandi beAfrican Natiol Congress (ANC) e Nkosi Bhambatha Region eMvoti.
Umengameli we African National Congress (ANC) ophinde abe ngomongameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uhambela kwisifundazwe sakwaZulu-Natal kulempela sonto.
URamaphosa uqale loluhambo eMvoti lapho behambisana nosihlalo wenhlangano yakhe KwaZulu-Natal uSboniso Duma kanjalo nomeluleki wakhe uMnuz jomo Sibiya nobuholi be ANC e Mzinyathi.
Umphakathi wase Mvoti uvele wahlambuluka kuMengameli wakhipha okungaphakathi utshele umengameli ukuthi inkulu inkinga iseMzinyathi bathi abanamanzi ikakhulu umphakathi wase Nhlalakahle uvele watshela umongameli zonke izinkinga abanazo ngo Mzinyathi nokungatholi kwabo amanzi.
Kanti umengameli uthe uyabezwa uzofike ezwe kahle ku Ngqongqoshe wezamanzi nokuthuthwa kwendle uMnuz Senzo Mchunu ukuthi usukuphi nodaba lwamanzi eMzinyathi wathi wathola kahle yonke into uyathembisa uyophinde abuye azo batshela ukuthi kuhamba kanjani.
Kanti lona wayeyiyiphini Lika mongameli we ANC kanjalo nezwe uMnuz David Mabuza yena ubese Josaih Gumede Region uhambele izindawo ezahlukene eMnambithi ikakhulukazi e Tsakane nase dolobheni.
Amalunga e ANC aseTsakane nase Accaciaville nawo acebe u Thukela bathi abanawo amanzi ezindaweni abahlala kuzo akekho noyedwa ozixakayo ngokuza kubo azobachazela ukuthi konakele kuphi.
uMabuza uthi uzoke akhulume no Ngqongqoshe u Mchunu ukuzwa ukuthi bakuphi nokulungisa udaba lwaso Thukela nokubheka indlela esheshayo yokulungisa inkinga yamanzi e Tsakane nase Accaciaville ngoba abakazr abantu bakhona bekhale ngamanzi kuyaqala nje kuleminyaka emibili edlule.