intatheli Yothukela

UHLABISA UVAKASHELE ISIFUNDA UTHUKELA OLUBHEKENE NEZINKINGA ZEZIMALI

Ithimba likahulumeni eliphezulu livakashele uMasipala wasoThukela okhungethwe yizinxushunxushu ngoMsombuluko njengoba lo masipala ubhekene nenkinga yezimali nokuhlinzekwa kwezidingongqangi. Ithimba beliholwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa kanti bekukhona noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uNgqongqoshe weCOGTA uMnuz Thulasizwe Buthelezi nePhini likaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mkhuleko Hlengwa. Lolu hambo lube yingxenye yokungenelela okuphuthumayo ukuze kuhlolwe izinga lezinselelo…

Read More

BAKHALA NGOKUNGANAKWA OTHISHA BEZINKULISA OTHUKELA

BAPHUME ngobuningi babo oThisha nabaphathi bezinkulisa ngaphansi kwesifunda uThukela bamashela emahhovisi omnyango wezemfundo kulesifunda ukuyodlulisa uhlu lwezikhalazo zabo. Phakathi kwezinto abakhala ngazo ukunganakwa kothisha basezinkulisa, inkohlakalo,ukungaphathwa kahle kwabaphathi bezinkulisa behlukunyezwa ngosonhlalakahle(Social worker ), ukuchema kosonhlalakahle ekusizeni abantu bezinkulisa,ukulwisana namakomidi nama forum ukuba angazenzeli ezinkulisa bekhona abaphathi bawo,ukuchema uma kukhethwa kwezinkulisa ezithola uxhaso kuhulumeni kanye nokuvunyelwa…

Read More

INKANTOLO IVUNE UMASPALA UTHUKELA KOLOKUVALWA KWAMA-AKHAWUNTI KAMASPALA

INkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu iyalele ukuthi kuvulwe wonke ama-akhawunti asebhange kaMasipala Wesifunda saseThukela nokuthi yonke imali ekhishiwe ibuyiselwe engakapheli amahora angu-48. Esitatimendeni sabezindaba esakhishwa ngomhlaka-9 Mashi 2026, umasipala wamukele lesi sinqumo, uthi lesi sinqumo senkantolo siwusizo kakhulu futhi sizokwenza umaspala ukwazi ukuqala usebenze kahle. Inkantolo iphinde yavimbela inkampani ebivule icala ukuthi ingakwazi ukuphinde ivale lama-akhawunti kuze…

Read More

KUDUTSHULWE KWABULAWA USOMABHIZINISI NOMNGANI WAKHE EMNAMBITHI

Kudutshulwe kwabulawa usomabhizinisi waseMnambithi uMndeni Nxumalo wasendaweni yase-Uitvaal kanye nomngani wakhe uLindokuhle Mkhwanazi ngoMgqibelo ebusuku. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke endaweni yaseMaqanda khona eMnambithi. UNxumalo ubengumnikazi wenkampani yonogada iZSI Security. Amaphoyisa aqinisekise ukuthi bobabili badutshulwe bashona endaweni yesigameko. Imbangela yalokhu kubulawa ayikaziwa okwamanje, kanti amaphoyisa aseqalile uphenyo ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni nokuthi obani abathintekayo kulesi…

Read More

UMNYANGO WEZOKUTHUTHA ULETHE UHLELO LWE-SHOVA ENDAWENI YAKWAHLATHI

iPhini likaNgqongqoshe Wezokuthutha uMhlonishwa M. Hlengwa emkhankasweni weBack-to-School Career Expo kanye nohlelo lweShova Kalula uvakashele e-Alfred Duma. Lo mcimbi ubanjelwe eSgweje High School kwaHlathi, lapho kuhlangene khona abafundi abavela ezikoleni ezahlukene. Kulolu hlelo abafundi banikezwe amabhayisikili ukuze kube lula ukuya nokubuya esikoleni, kuthuthukiswe ukufinyelela ezikoleni, ukufika ngesikhathi kanye nokuphepha kwabafundi.

Read More

UMKHANDLU WASE-INKOSI LANGALIBALELE WETHULE IVENI ELISHA KANYE NAMA-SKIP BIN OKUQINISEKISA UKUHLANZEKA

Ubuholi boMkhandlu Inkosi Langalibalele Local Municipality kuholwa yiMeya uMduduzi Myeza bethule ngokusemthethweni iveni elisha kanye nama-skip bin azosetshenziswa uMnyango wakwaCommunity Services ngaphansi kohlangothi lweWaste Management. Lama-skip bin kulindeleke ukuthi asize uMkhandlu ekuqoqeni imali ngokuwabolekisa noma ukuwaqashisa kumabhizinisi, kanti futhi azosiza ekunqandeni ukulahlwa kwemfucuza ngokungekho emthethweni emiphakathini. Iveni elisha lizolekelela ukuthutha abasebenzi kanye namathuluzi, futhi liqinise…

Read More

KUSEMNYAMA KWABABILI ABANGAKATHOLAKALI ENHLEKELELENI YEVENI YASEMSINGA

Kusathungathwa abanye ababili abamuke ngeveni eyawelwa amfulenii uMfenebude, eMsinga. Imeya yaseMsinga Local Municipality, uDkt Felinkosi Sikhakhane, ihole ubuholi bomkhandlu namakhansela beyoduduza imindeni yezisulu zalengozi. Lesi sigameko senzeke ngoLwesine ngesikhathi iveni ebithwele abantu abayisishiyagalombili iwela umfula eMfenebude yabe isithathwa amanzi. Imeya uSikhakhane ithe umkhandlu uzosebenzisana neminyango kahulumeni ukuhlinzeka ngosizo emindenini ethintekile.

Read More

INYUNYANA YABASEBENZI ISAMWU IHLELA UMBHIKISHO NGODABA LUKAMASPALA WESIFUNDA SOTHUKELA

Inyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers’ Union (SAMWU) isimemezele ukuthi izoya emigwaqeni ngoMsombuluko mhla ziyi-9 kuNdasa 2026 ikhombisa ukungagculiseki ngendlela okuqhutshwa ngayo uMasipala wesiFunda sasoThukela. Le nyunyana ithi isimo sikamasipala sesifinyelele ezingeni elibucayi ngenxa yezinsolo zokuphathwa kabi kwezimali, ukungasebenzi kahle kwabaphathi kanye nokungaqiniseki ngemiholo yabasebenzi. ISAMWU ithi abasebenzi kanye nomphakathi abasakwazi ukuthula njengoba izinsizakalo…

Read More

OWAYEYISEKELA LIKALEKOTA KWI-COPE UNCOME AMAGALELO AKHE KWEZEPOLITI YAKULELI

OwayeyiPhini likaMholi we-COPE uWilly Madisha uthi uMosioua Lekota ushiye ifagugu eliqinile kwezombusazwe zaseNingizimu Afrika. Lokhu kulandela izindaba zokuthi uLekota edlule emhlabeni ekuseni namuhla ngemuva kokugula isikhathi eside. UMadisha uthe nakuba babehlukana ngemibono ngezikhathi ezithile, ufunde izifundo eziningi ezibalulekile kuLekota ngesikhathi besebenza ndawonye kwezombusazwe. Uthe uLekota uzokhunjulwa njengomholi owayezinikele ekusebenzeleni izwe futhi owadlala indima ebalulekile emlandweni…

Read More

UMASPALA UTHUKELA LUVAKASHELE I-THOLITHEMBA HIGH SCHOOL NEZIPHO

UMASIPALA wesifunda sasoThukela uvakashela iTholithemba High School eZwelisha, eBergville. Ithimba beliholwa nguSomlomo woMkhandlu, uCllr Nqubuka, ehlangene nethimba bakhuthaze abafundi ukuthi bagxile ezifundweni zabo futhi basebenze kanzima ukuze bafeze izinhloso zabo. Kulolu hambo ithimba liphinde lanikela ngezipho kubafundi okubalwa namaphasela egilosa kulabo abahlala ezindaweni eziqashiwe. Abaholi bakamasipala bathe lolu hlelo luhlose ukweseka abafundi nokubagqugquzela ukuthi bayithathele…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved