UTHUKELA LUKHALA NGABACEKELA INGQALASIZINDA UKUBAMBEZELA UKUPHAKELWA KWAMANZI
Umkhandlu UThukela sewuzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokucekelwa phansi kwengqalasizinda ngabantu abafuna ukufeza izinhloso zabo bese kulimala kugqoza ukuphakela amanzi emphakathini. Labantu abenza loku baqinisekisa ukuthi baphazamisa ukuphakelwa kwamanzi ezindaweni ezahlukene kulesifunda njengoba belimaza izigxobo zikagesi osiza ukufaka umfutho amanzi kanye nokubulala amaphampu eziteshini. Ngaphansikwesonto nje elilodwa sekube nezigameko ezintathu ezindaweni ezahlukene, ezimbili e-INkosiLangalibalele eThembalihle naseBhekabezayo,esesithathu…

