LUDLULISELWE KUMGCINIMAFA KAZWELONKE OLWETHENDA KA-137 MILLION KUMASPALA UTHUKELA
IKomidi lePhalamende lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu selinyusele kuMgcinimafa kuzwelonke udaba lwethenda ka-R137 million ethinta ukulungiswa kwemishini yokuphehla amanzi kuMasipala wesifunda sasoThukela ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Leli komiti lihlangane nobuholi bukaMasipala wesiFunda uThukela kanye noMasipala weNdawo Inkosi Langalibalele ngoLwesibili ukubheka inqubekelaphambili kulandela izikhalo ezivezwe ngesikhathi lihambele lo mkhandlu ngoJanuwari. Amalungu ekomidi atshelwe ukuthi kumanje umasipala wasoThukela usebenza…

