UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba Nokubambisana (DIRCO) uthi iNkosi yamaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, yamenywa ngokusemthethweni kwi-46th SADC Summit eyayibanjelwe KwaZulu-Natal ngo-Agasti.
Umkhulumeli we-DIRCO, uChrispin Phiri, uthi iNkosi yayilindeleke ukuthi ihambele isidlo sakusihlwa esisemthethweni kanye nomcimbi wokuvulwa kwengqungquthela.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNkosi uMisuzulu iveze ukukhathazeka ngokuthi ishiywa ngaphandle emicimbini emikhulu, okuhlanganisa ne-SADC Summit.
iNkosi Misuzulu ikhulume ngalokhu ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi woMhlanga eMachobeni Royal Palace eNgwavuma ngoMgqibelo. Ithi ukubanjwa kwemicimbi emikhulu KwaZulu-Natal ngaphandle kokubandakanywa kwayo kuyisibonakaliso sokungahlonishwa.
Nokho, i-DIRCO ithi izoxhumana neHhovisi Eliyimfihlo leNkosi ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni futhi kucaciswe lokhu kungaboni ngasolinye.
