Abasomabhizinisi baseDannhauser bathole usizo lokuthuthukisa amabhizinisi abo ngemuva kokuba benikezwe izinsiza ngaphansi koHlelo lweMunicipal Employment Initiative.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, kanye neMeya yaseDannhauser, uKhansela B.A. Radebe, bahambise lezizinzisa kosomabhizinisi abasakhula.
Lomsebenzi uhlose ukusiza amabhizinisi amancane ukuthi athuthukise indlela asebenza ngayo, andise izinsiza azihlinzekayo futhi adale amathuba emisebenzi.
UMEC Zondi ugcizelele ukubaluleka kokutshala imali kosomabhizinisi bendawo ukuze bakwazi ukukhulisa amabhizinisi futhi bafake isandla ekuthuthukisweni komnotho.
