UMkhandlu uThukela uholwa yinkosi uNB Shabalala kanjalo nomaspala waseAlfred Duma uZama Sibisi bahlanganyele namakholwa andaweni yase Matiwane namuhla babamba umkhuleko.
Inhloso yalomkhuleko bekungukukhulekela ukhetho olunokuthula njengoba ngolwesithathu kuzoba nokhetho lukalwelonke.
UMeya waseAlfred Duma uCllr Zama Sibisi uthe amakholwa kumele angakhulekeli ukuthula nje kodwa akhulekele nohulumeni ukuze ezokwazi ukunakelele izindingo zamakholwa.
UMeya uthi uhululumeni uyakwazi ukufaka imali emajele kodwa akakwazi ukufaka imali lapho kunesizwe esinokuthula khona esho emabandleni.
INkosi uShabalala yona ithi injabule kakhulu ukubona amakholwa ehlangene ekhuleka ndawonye futhi ekhulekela izwe labo.
Labaholi babe sebenxusa abantu bonke base Matiwane ukuthi ngolwesithathu bavuke bahambe bayo vota ukuze bazoletha ushintsho ezimpilweni zabo.