Uhlelo luka maspala wase Alfred Duma lokusiza osomabhizinisi basemakhaya ngezinsiza livele lenza abalimi base Burford bangawuvala umlomo.
Umnyango wezamabhizinisi (LED) kumaspala ubenohlelo lwezinsuku ezimbili lapho uhambele khona izindawo ezakhukhele umaspala uphethe izinsiza kusebenza ekubalwa kuzo imishini yokugunda utshani , izinkukhu, ukhudla kwezinkomo, izigxobo no cingo lokubiya amasimu nokunye okuningi.
Umeya kamaspala wase Alfred Duma uMnuz Zama Sibisi uthi kulonyaka bahambele ama wadi ambalwa bebesezwa amanzi ngobhoko kodwa ngonyaka ozayo kuyoshikisha ufudu ngoba bazohambela wonke amawadi akhele umaspala futhi bazohlela kahle nesabelo zimali zosomabhizinisi basemakhaya.
Uthi kodwa kuzobaluluka ukuthi abantu basemakhaya benze imifela ndawonye ukuze kuzoba lula ukuthi basheshe bathole uxhaso ngabakwenzayo.
Kanti ukhansela wase Burford u uMnuz Mthokosizi Khoza uthi liphume nobomvu njengoba umasipala wase Alfred Duma ubasize bona ngezigubhu zokudipha izonkimo , ukudla kwazo izinkomo nezinkukhu, amathangi amanzi ukuze abalimi bezingadi bazokwazi ukunisela kahle izingadini zabo.
uKhoza uthi njengabantu basemakhaya imfelandawonye yabo kumele ibe kakhulu kwezolimo ngoba banomhlaba futhi ikona okungabenzela imali ukulima nje kukudwa
Uthi ngonyaka ozayo ufisa ukwenza uhlelo olukhulu lokuthi kuqeqeshwe abantu abasha ngezolimo baphinde bathole noxhaso olugcwele kulomkhakha khona bazophila.