Sekulahleke enye impilo ngenxa yomlilo wequbula ocekele phansi izingxenye zeKwaZulu-Natal kuleli sonto. Iletha isibalo sabantu ababili abashonile, ngemuva kokushona kowesifazane osekhulile emva kokusha kanzima ngoLwesihlanu.
Cishe zingu-196 izindlu ezicekeleke phansi kuMasipala waseNkandla naseMlalazi enyakatho neKZN.
UNgqongqoshe we-KZN Cogta uThulasizwe Buthelezi uhambele lezi zindawo.
Unxuse uhulumeni kazwelonke ukuba angenelele.
“Lo mlilo awugcinanga nje ngokucekela phansi imizi, ucekele phansi namapayipi amanzi azungeze le ndawo, amadlelo nemfuyo. Ohulumeni basekhaya bahamba phambili ekulethweni kwezidingongqangi futhi yibo abayisiqalo, ngakho badinga izinsiza ezengeziwe.”