Ithimba labasebenzi bakamaspala wase Ndumeni ebeliholwa ngu Meya uMnumz. Siyabonga Ndlovu livakashele izindawo zokulala ezahlukene ezibizwa ngama Homestays/Air BnB inhloso ukuhlonza ukuthi ngabe sezikulungele yini ukumumatha umthamo wabantu abazobe behambele umjaho wamahhashi obizwa nge Dundee July, nozoba ngesonto elizayo.
Imizi ehanjelwe ileyo abanikazi bayo abaqeqeshiwe ukunakekela izihambeli kanti nemizi yabo isihloliwe ukuthi isesimweni yini.
Isibalo semizi evuliwe ukulalisa abantu singaphezu kweshumi nanhlanu (15) eDundee nase Glencoe. Kanti loluhlelo luzophakamisa isimo somnotho endaweni yasEndumeni namaphethelo.
UMeya kamaspala wase Ndumeni u Numz. Syabonga Ndlovu uthi ugculisekile ngalezindawo futhi zise zingeni elifanele. Uthi bengu maspala sekumele babe nohlelo olusha lokuba lekelela ukuze bakwazi ukukhula e bhizinisini labo
Lomjaho oba minyaka yonke uzoba ngempelasonto yangomnhlaka 20 July lapho kulindeleke izinkumbi zabantu zibuthane kulo mjaho.