UMhlonishwa uMeya Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala uyalele abasebenzi baka Masipala UThukela ukuba kuxhaswe osomabhizinisi abase renke yase dolobheni lakwa Nobamba njengalokhu bekade ehambele lendawo ukuzothula osonkontileka abazofaka amanzi kanye nengqalasizinda yendle ku lendawo.
Osomabhizinisi abadayisa e renke bonke babonge iMeya njengoba kuze kwaphela izitoko zabo zokudla njengoba bonke abasebenzi nezikhulu zika Masipala zigasele erenke ukuyodla i lunch ngemuva komsebenzi.
“Ngiyabonga kakhulu kuMeya was’OThukela, namuhlanje ngikwazile ukudayisa konke ukudla kwami baze bangibekezelela ngisayothenga esinye isitoko ngikwandisa njengoba kuze kwaphela uphuthu nevosi kwaphoqa ukuthi ngistoke kabusha. Njengoba zivulwa nje izikole, sengibheka nase mehlweni ngoba ngizokwazi ukukhokhela izingane imali yesikole” kusho omunye wabadayisi erenke.