Uphiko lwezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta) luqinisekise ukuthi kushone umuntu oyedwa ngenxa yomlilo wequbula ohlasele isifundazwe ngempelasonto enyakatho yeKZN.
UNgqongqoshe wakwaCOGTA uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaGazu kuMasipala waseMlalazi, olahlekelwe yilungu lawo ngesikhathi kuqubuka umlilo wequbula ngeSonto.
UMnyango uthe imibiko oyitholile ikhomba ukuthi uMuntukabongwa Mphikeni Gazu, 67, ushiswe wangqongqa ngesikhathi kuthungelwa umuzi wakhe ngeSonto ebusuku eNtabeni.
Ezinyosini endaweni kaWadi 1.
UButhelezi usethumele amathimba abhekelele izinhlekelele ukuyolekelela umndeni, olahlekelwe yikho konke kulesi sigameko esibuhlungu, kusho uCogta esitatimendeni.
“Isifunda iKing Cetshwayo singesinye sezindawo ezikhahlamezeke kakhulu kulo mlilo wequbula njengoba uMfolozi, uMlalazi, uMthonjaneni, neNkandla omasipala abakhahlamezeke kakhulu. Kumasipala waseMlalazi uwodwa, amawadi angu-11 athintekile, oyedwa ushonile kwathi ababili balimala,” sifundeka isitatimende.
Ngokusho kwabakwaCogta, imililo yequbula ihlasele abantu abangu-144 kulesi sifunda, okushiye abantu abangu-53 bengenamakhaya.
Ukwengeza, izindlu ezingu-48 zalimala kancane, ezingu-27 zacekelwa phansi.
“Umnyango usebenzisana kakhulu nomasipala ukuqinisekisa ukwesekwa okwanele kanye nosizo emindenini ethintekile, nozakwethu bezenhlalakahle bakha amakhishi esobho,” kusho uCogta.