Abasebenzi abangaphansi kwenyonyana yokusansimbi iNUMSA abasebenza kwi Gautrain babeke amathuluzi emvakokuba izingxoxo zezimfuno zabo zifinyelele kwangqingetshe.
Abasebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngo13% , bathi kade babefuna ukunyuselwa amaholo kusukela ngoApril kodwa inkampani iBombela Operating Company abasebenza ngaphansi kuze kube manje akukho okwenzekayo.