IBarkly Pass, emgwaqeni u-R58 phakathi kweBarkly East neLady Grey e-Eastern Cape, ivaliwe ngenxa yokukhithika.
UMnyango wezokuThutha esifundazweni uthi usaqhubeka nokuqapha eminye imigwaqo ekhahlamezekile ngenxa yokukhithika kweqhwa okufana no-N6 ngaseJamestown, i-Loosberg pass ku-N9 kanye ne-Wapadsberg ku-R61.
Okhulumela uMnyango u-Unathi Binqose uthi isinqumo sokuvala umgwaqo sithathwe njengoba kulindeleke ukuthi izinga lokushisa lihlale lingaphansi kuka-zero namuhla.
UBinqose uthi, “I-Barkly East idlula ku-R58 phakathi kwe-Barkly East ne-Lady Gray ingeyokuqala ukuvalwa. Siphinde sibe nemibiko yezimoto ezivaleleke ngaphakathi kwephasi futhi akumangazi njengoba isibikezelo sezulu sisitshela ukuthi sinamazinga okushisa aphansi okususa kokuthathu nokuphezulu kukaziro, okuyizimo ezivamise ukuba nesithwathwa esikhulu. Sicela abasebenzisi bomgwaqo bagweme lezi zindawo ezidlula ezintabeni noma babambezele ukuhamba kwabo.”