KUSHONE abantu ababili engozini yemoto eyenzeke eHillcrest, entshonalanga yeTheku, ngoLwesihlanu ekuseni. Kukholakala ukuthi izimoto ezimbili zishayisane ekhoneni likaNanda noWest Riding Road.
“Abesilisa ababili abebehamba ngeSUV encane batholakale bevaleleke kanzima, abezimo eziphuthumayo basheshe babahlola,” kusho okhulumela i-ALS uGarrith Jamieson.
“Nokho, bobabili abesilisa, okukholakala ukuthi baneminyaka ephakathi kuka-30 no-40 ubudala, bathole imihuzuko eminingi, kungekho abezimo eziphuthumayo abebengabenzela kona, kuthiwa bashonele endaweni yesigameko.
“Umshayeli wesibili uthole imihuzuko emaphakathi kanti uzinzile endaweni yesigameko ngabezimo eziphuthumayo ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo oluphuthumayo.”