UMfundisi Musa Zondi onguNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho, ezokuvakasha kanye nokongiwa kwemvelo ehambisana naMakhosi asoThukela,nabomkhandlu UThukela kanye nethimba lakhe bavakashele izimboni ezahlukene endaweni yaseMnambithi .
UNgqongqoshe uhambele izimboni zaseZakheni ePitasi ezingaphansi kwe-Ithala( Ithala industrial Hubs and Estate Site) ,i-DEFY, Pro-Textile kanye nase Dunlop inhloso yaloluhambo bekungukuyohlangana nabaphathi balezi zimboni kanye nezinhlaka abasebenzisana zazo ukuze athole izingqinamba kanye namathuba akhona ukukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho kanye nokulekelela izimboni.
UMeya womkhandlu UThukela Inkosi Shabalala enkulumeni yakhe yokwamukela uNgqongqoshe uthe ukuhambela kukaNgqongqoshe kulendawo kuzinkomba zomsebenzi omuhle owenziwa ngumphakathi ukushintsha lendawo ibe yisizinda somnotho. UMeya uthi lezindawo azisiyo nje indawo yokusebenzela kodwa sezingumgogodla wokondliwa kwamakhaya.