Isiphinde yaba sematheni iKlipriver Taxi Association ehlezi ikhungethwe zinkinga eMnambithi.
UMercy Gamede odume ngelika ‘Magamede” embonini yamatekisi nabanye besifazane bakhulume baveza izinkinga ezibakhungethe kulenhlangano emsakazweni uKhozifm ohlelweni lwasekuseni namhlanje.
UMagamede uthi sebephila ngokugadwa ngenxa yokusabela kwezimpilo zabo lokhu kwenzeka ngoba befuna izimpendule ngemali engu 3million Evezwe ngabacwaningi mabhuku njengedliwe esikhwameni salenhlangano.
Abasolwa ngokudla lemali kuthiwa bavuma ukuthi bayayazi, uMagamede uthi ngokwabo ingaphezu kuka20 million imali elahlekile kulisi sikhwama senhlangano nathi yasetshenziswa ukuthenga izimoto ezigada izikhulu zikaMaspala.
Njengamanje uthi kusele imali engango R156 000 kuphela. Inhlangano ayisenamali osekudale indlala engaziwa emindenini yabantu bamatekisi.
UMagamede uthi kunanemali yesinxaphezelo eyaphuma kwaTransport kusaphethe uKaunda elinganiselwa ku15 million nayo eyanyamalala abangakaze bazithole izimali eziyingxenye yabo.
Bathi usizo kade baqala ukulifuna baze bakhuluma noMhlonishwa uHlomuka obephethe kwezokuthutha kanye nobekade ephethe amaphoyisa uMnu uCele kuzwelonke kanye nowesifundazwe uMkhwanazi.
Labomama bathi amadoda angaphansi kwalenhlangano asaba ngisho ukukhuluma besabela impilo yabo kuzokhumbuleka ukuthi izigameko zokubulawa kosomatekisi kulendawo ziyanda.
Lona osoleka ngokudla imali bathi uthi amaphoyisa ngeke amenzelutho ngoba usebenzisana nawo,bathi bacela kungenelele ama HAWKS kuloludaba.