IMEYA entsha yaseZululand ithembise ukusebenzisana nabaholi kumasipala wonke ukugqugquzela ubumbano nokuthula. NgoLwesine kuqokwe uMnuz Michael Khumalo we-IFP evala isikhala sikaThulasizwe Buthelezi oqokwe njengoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Kodwa kubikwa ukuthi i-NFP ishiywe ingagculisekile. Leli qembu lithi izivumelwano ezenziwe ngaphansi kukahulumeni wobumbano lwezifundazwe zihlanganisa umengaameli walo u-Ivan Barnes, ukuthi aklonyeliswe kwesobumeya eZululand.
UKhumalo uthe ukubheke ngabomvu ukusebenzisana nabaholi kuso sonke isifunda:
“Isifiso sami ukuthi uMaspala wethu uhlale ubumbene, kumele sigxile ezindabeni zethu, kuzo zonke izinkinga esibhekene nazo.
“Ngithanda ukubonga bonke abaholi ne-IFP ngokukholelwa ekutheni ngiyakwazi ukuhola lo masipala. Ngiyathembisa ukuthi sizoqhubeka nokubumbana. Futhi ngiyakuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uzohlonishwa.”