UMnuz Dumisani Xaba (52) waKwaSithole eDundee, uzobuyela ngesonto elizayo eNkantolo yeMantshi yaseDannhauser, naboshwe nabo ababanjwe ngamaphoyisa belayishe emotweni izinkomo zokwebiwa okukholakala ukuthi bezintshontshwe epulazini lomlimi ngeSonto.
Imoto kaXaba, ebihudula inqola ebinezinkomo ezine, kuthiwa imiswe amaphoyisa emgwaqeni u-R33 phakathi kweDundee neKranskop ngeSonto ebusuku. Kuthe uma befakwa izinkweshini ngokuthi baphumaphi futhi balibangisaphi bakhombisa ukunkwankwaza, zabe seziyabakhalela.
Inkantolo ilihlehlisele uLwebili leli cala, lapho kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili. Kuthiwa ngesikhathi beboshwa, amaphoyisa acele ukunikezwa incwadi egunyaza ukulayishwa kwemfuyo kodwa bakhipha ebinemininingwane engacacile, okwenze amaphoyisa asola ukuthi kukhona okushaya amanzi.
uXaba oyikhansela le-Nkatha elihlala kumkhudlu wase Mzinyathi ongusihlalo we Nkatha eNdumeni ophinde abe ngumfundisi ebendleni lechibi.
Kanti uSihlalo wenguyazana ye-IFP kulo masipala, uMnuz Xolani Msezane ukuqinisekisile ukuthi bazwile ngokuboshwa kukaXaba kodwa wathi bazolinda umthetho udlale indima yawo ngoba abakwazi ukuphawula kakhulu uma indaba isisezandleni zomthetho.