Umkhandlu wase Mzinyathi ukuqinisekisile ukuminza komuntu wesilisa kwisiphehlimanzi esise Dundee esingaphathi ko Thukela Water.
Lomuntu kuthiwa uminze ngoMsombuluko ngenkathi edoba izinhlanzi kwisiphehlimanzi i Biggersberg Water Treatment Plant.
Umkhandlu uMzinyathi kuphoqeleke ukuthi uchithe wonke amanzi abeku lesiphehlimanzi ukuze sizohlanzwa kuphinde kufakwe amanzi amasha.
Lokho kuholele ekuthini izolo umphakathi waseDundee naseGlencoe wasala ungena manzi.
UMkhandlu usunxuse umphakathi ukuthi ungadobi kwiziphehlimanzi ngoba akusiyona indawo yokudoba futhi kuyicala ukubonakala ungena kwisiphehlimanzi.