Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha eMnambithi izolo ngoMsumbuluko ntambama. Ngokwemibiko, laba ababulewe bebevela emshadweni eZakheni belibhebhike endaweni yaseLimehill kohna emnambithi ngesikhathi kuqhamuka enye imoto ebinabantu abangaziwa. Labantu kubikwa ukuthi bavulele ngenhlamvu kulaba abebegcwele iveni.
Abazibonele ngawabo bathi lithe noma selimile iveni, lamadoda adilikile emotweni yawo maqede anikela evenini aqhubeka adubula. kudlule emhlabeni abantu abayisithupha okungabesifazane bonwa kwalimala abanye abaningi abekuveni.
Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko futhi inhloso yaloku kubulala ayikaziwa. Amaphoyisa asaphenya.