Obeyikhansela Kumaspala wase Alfred Duma kanjalo nomkhandlu uThukela uMnuz Nathi Mthethwa ufunge njengelunga lesishayamthetho sakwaZulu-Natal ngolwesihlanu.
uMthethwa wazekhela ugazi kakhulu kubantu base Mnambithi ngesikhathi kunesitelaka esasihlelwe imbhoni yamatekisi eyayifuna kukhishwe uwayeyimeya ngeleso sikhathi uMnuz Vincent Madlala yilapho ke aqala ukugqama kakhulu kwezombusazwe eMnambithi.
Ekuqaleni kwalonyaka wavela ukuthi iqembu lakhe INational Poeple Ambassadors (NPA) lizokweseka Umkhonto Wesizwe (MK) okhethweni lolu esisuka kulo.
UMthethwa ukuqinisekisile ukuthi eseyilunga lesishayamthetho sakwaZulu-Natal kanti futhi usesulile njenge khansela Kumaspala wase Alfred Duma naso Thukela.
uyawaphika amahlebezi athi kungahle afake uMnuz Vincent Madlala esikhundleni sakhe kamaspala wase Alfred Duma uthi yena ukhona umuntu ozongena njengoba yena esehamb.
UNyambose ubonge abantu basoThukela ngokuvotela i- MK.