Uhulumeni waKwaZulu-Natal ulinganisela ukuthi umonakalo wengqalasizinda ngemuva kweziphepho ezamehlela ngesonto eledlule ungaphezu kuka-R1.3 billion.
Okungenani omasipala bezifunda ezinhlanu esifundazweni bahlaselwe yizimvula ezinamandla kanye nomoya ngoLwesibili.
Lokhu kuholele ekufeni kwabantu abangu-12, kulimale amakhaya angu-7 000, izinkulungwane zabantu zasala dengwane.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe ziningi izikole ezicekeleke phansi, imigwaqo nezinye izikhungo zomphakathi ngesikhathi kuqhubeka lesi sibhicongo.
“Kusukela ngoLwesibili olwedlule, ngesikhathi iziphepho ezidlule nemiphefumulo yabantu abangu-12 zihlasela izingxenye eziningi zesifundazwe, uhulumeni, ngokubambisana nozakwethu kanye nabaxhasi abazimele, bebematasa besiza abahlukumezekile ekubuyiseleni izimpilo zabo.
“Namuhla, ngoLwesithathu mhla ziyi-12 kuNhlangulana, uMnyango wezokuHlaliswa koMphakathi kuzwelonke uzokwethula iqoqo lokuqala lempahla yokwakha ezohlomulisa imizi ebalelwa ku-674 eMagwaveni oThongathi. Abaxhasi kanye nezinhlangano ezizimele baqale ukuletha izinsiza kusebenza ngoLwesibili, 11 Juni, kweminye imindeni eminingi.”