Umama womfana oneminyaka eyishumi ubudala waseLephalale eLimpopo, owathunjwa wayiswa esikoleni sokusoka, ufuna iziphathimandla zithathele izinyathelo umnikazi wesikole sokusoka.
UNathan Mokoena wanyamalala ngoLwesine ntambama ephuma esikoleni. Amaphoyisa alunywe indlebe, ingane yatholwa endaweni eqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-200 esikoleni sokusoka eHammanskraal eGauteng.
Unina wengane, uMapula Mokoena, uthi abafundi besikole samabanga aphansi afunda kuso babike ukuthi ibonwe nequlu labafana abangaziwa.
“Kwafona iphini likathishanhloko lathi abanye abafundi babika ukuthi uNathan uthathwe iqulu labanye abafana, bamyisa esikoleni sokusoka. Umnikazi wesikole sokusoka uthumele ithimba imali yokugibela eModimolle. Ukusuka lapho, umnikazi wathatha uNathani. Sathola inombolo yakhe samshayela. Uvumile ukuthi ingane yami isesikoleni sokuthwasa kodwa ibingakasoki.”
Kuvulwe icala lokuthumba emaphoyiseni. UMengameli weCongress of Traditional Leaders of South Africa, uChief Lameck Mokoena, usigxekile lesi sigameko.
Uthe uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi isikole sinawo yini amalayisensi noma cha.
“Kusiphazamise kakhulu ukuzwa ukuthi kunalezi zigameko lapho abanye abafana bethunjwa bayiswe ezikoleni zokuthwasa. NjengeContralesa, sesivele sijube ithimba ukuthi liphenye kahle ukuthi kwenzekeni. Sifisa ukuhlaba ikhwelo kubo bonke othishanhloko balezo zikole zokuthwasa ukuthi ugxekwe lo mkhuba noma lo mkhuba, lapho kuqashwa abafana ukuthi bahambe bathumbe abafana babayise ezikoleni zokuthwasa. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi umnikazi wesikole owenze lokhu uyaboshwa,” kusho uMokoena.