Kushe kwangqongqa indlu eNewcastle ku Dixon Street ngolwesine ebusuku.
Indlu ehlala abantu abahlukene abaqashile ithungeleke ngomlilo kwashona owesifazane oyedwa.
Ngokombiko ovela kubahlali bakulendlu abangathandanga ukudalulwa bathi kusuke isidumo ngenkathi owesifazane efika endlini ethola owesilisa azwana naye enenye intombi basola ukuthi ube esethungela umlilo nokuholele ekutheni umlilo uthungeleke nakwamanye amagumbi kwase kusha yonke indlu.
Okhulumela amaphoyisa eNewcastle Lizzy Arumugam uthi likhona icala elivuliwe, amaphoyisa asaphenya kabanzi ngalelicala kodwa akukaboshwa muntu.
ULizzy ucela ukuthi njengoba kusaqhutshekwa nophenyo uma kukhona onolwazi aye emaphoyiseni.