UPresident Cyril Ramaphosa uhambele endaweni yaseNelson Mandela eEastern Cape njengoba bekuhlasele izikhukhula ukuyobheka umonakalo nokududuza abakhahlamezekile
Ekhuluma ehholo lomphakathi eLaplan eKariega, lapho kubekhona izikhukhula uthe uhulumeni uzohlinzeka ngosizo kulabo abakhahlamezekile abalekelele nangamalungiselelo ukufihla labo abashiywe zihlobo
Bazotholelwa izindawo zesikhashana zokuhlala nalapho uMengameli ethembise ukuphinde abuye ukuzobheka baqhuba kanjani.
Bangaphezu kuka 3000 abantu abasale dengwane ngenxa yezikhukhula eNMB naseBuffalo City abanye basweleka.