UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane, uthe izikhungo zezempilo eThekwini zelaphe abantu abangaphezu kuka-120 ngemuva kwesishingishane esihlasele izindawo ezisenyakatho yeTheku. Iziphepho ezinamandla zihlasele izingxenye zeKwaZulu-Natal ngoMsombuluko, okubalwa kuzo uMgababa, Newcastle, Dannhauser naseNquthu.
Kuphinde kwabonwa inkanyamba idlula e-Utrecht.
FUNDA: I-SA Weather Service izophenya ngezishingishane zase-KZN
Emuva kwamahora, isishingishane sahlasela imiphakathi yasoThongathi naseBallito, sacekela phansi imizi nezihlahla.
Kuphinde kwaba nomonakalo omkhulu kwingqalasizinda yamanzi nogesi.
Bangu-11 abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile, abayisikhombisa kubo baphuma oThongathi.
Kubikwe abantu abane eNquthu, eShowe naKwaHlabisa.
USimelane uthi isikhungo sezempilo somphakathi oThongathi sibone ukugcwala kwabantu abalimele ngemuva kwesishingishane.
“Kumele sikhumbule abasebenzi abaphumile, siyabonga ukuthi bonke babuyile bazibophezela ekwenzeni umsebenzi. Kwadingeka ukuthi sengeze abasebenzi kwezinye izikhungo, sengeze namathimba ukuqinisekisa ukuthi bayakwazi ukusiza zonke izikhungo. abantu ababesendaweni yangaleso sikhathi, siphinde sanquma ukuthi sizosebenzisa izikhungo ezintathu ngokwezibhedlela.”